Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 19:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

2 UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kodwa uJonathani indodana kaSawule wayejabule kakhulu ngoDavide; uJonathani wamtshela uDavide, wathi: “Ubaba uSawule ufuna ukukubulala;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 19:2
11 Iomraidhean Croise  

Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.


Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.


Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.


Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.


USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.


ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.”


Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”


UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan