Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 19:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

1 USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 USawuli wasekhuluma kuJonathani indodana yakhe lakuzo zonke inceku zakhe ukuthi babulale uDavida.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 19:1
10 Iomraidhean Croise  

Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.


Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”


Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiswe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wacabanga ukumwisa uDavide ngesandla samaFilisti.


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”


USawule wambheka uDavide kusukela kulolo suku kuya phambili.


UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;


UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan