Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

8 Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi: “Niphumeleni na? Niphumele ukuhlela impi? Mina ngingumFilisti nina niyizinceku zikaSawule. Ziqokeleni umuntu, ehle eze kimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wema, wabiza amabutho akoIsrayeli, wathi kuwo: Liphumeleni ukulungisa impi yenu? Angisiye umFilisti nezinceku zikaSawule na? zikhetheleni indoda, yehle ize kimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 17:8
5 Iomraidhean Croise  

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”


UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”


Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan