Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

4 Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwaphuma iqhawe ekamu lamaFilisti, igama likaGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 17:4
11 Iomraidhean Croise  

Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.


Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.


AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, u-Israyeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo.


Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan