Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




1 Samuweli 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Nxa usumukile kimi namuhla, uyakufumana abantu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa; bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: “Ngiyakwenze njani ngomntanami na?” ’

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IsiZulu 2020

2 Uma ususukile lapha kimi namuhla, uzohlangana nabantu ababili ngasethuneni likaRaheli, emngceleni wakwaBhenjamini eZeliza. Bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuphume ukuyozifuna sezitholakele. Manje uyihlo akasakhathazekile ngezimbongolo, usekhathazeke ngani, uthi: “Ngiyakwenzenjani ngomntanami, na?” ’

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho nisuka kimi namuhla niyakufumana amadoda amabili ethuneni likaRaheli emngceleni wakwaBenjamini eSelsa; bayakuthi kuwe: Izimbongolo obuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo waziyeka izimbongolo, wadabuka ngawe, wathi: ‘Ngiyakwenze njani ngendodana yami na?’

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




1 Samuweli 10:2
7 Iomraidhean Croise  

Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.


Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).


Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe; uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe, ngokuba abasekho.”


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.


USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan