Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 8:17 - IsiZulu 2020

17 Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba ngawami onke amazibulo abantwana bakwa-Israyeli, abantu nawezilwane; mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngawangcwelisela kimi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 8:17
18 Iomraidhean Croise  

Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Washaya amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane.


Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.


Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”


“Ngiyongcwelisa ithende lokuhlangana ne-althare, ngingcwelise u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo.


“ ‘Amazibulo ezilwane, njengamazibulo angakaSimakade, awanakungcweliswa muntu; noma ngabe eliyinkabi noma eliyimvu, angakaSimakade.


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli.


njengalokhu kulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwehlukaniselwe iNkosi,


pho ningakhuluma kanjani ngalowo amehlukanisa wamthumela emhlabeni, ukuthi uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu’ na?


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan