Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 5:22 - IsiZulu 2020

22 lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.” “ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lawa manzi esiqalekiso ayakungena ezibilinini zakho, avuvukalise isisu sakho, abolise okhalweni lwakho. Futhi owesifazane kumelwe athi: Amen, amen.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 5:22
16 Iomraidhean Croise  

Wagqoka isiqalekiso njengengubo, sangena ezibilini zakhe njengamanzi, nasemathanjeni akhe njengamafutha.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.


Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, izibilini zakho uzigcwalise ngalo mqulu engikunika wona.” Ngawudla, waba mnandi njengoju emlonyeni wami.


“ ‘Umphristi uyozibhala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo.


Uma esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma ezingcolisile wenza ukungethembeki kumyeni wakhe, amanzi aletha isiqalekiso ayongena kuye, alethe isiqalekiso esibi, avuvukalise isisu sakhe, ashwabanise ithanga lakhe, owesifazane abe yisiqalekiso phakathi kwabakubo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan