Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 5:15 - IsiZulu 2020

15 indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Khona-ke indoda kumelwe ilethe umkayo kumpristi, futhi kumelwe ilethe umnikelo wakhe, okweshumi kwe-efa likafulawa webhali; akayikuthela amafutha kuwo, angafaki nampepho phezu kwawo; ngoba kungumhlatshelo wokutshiseka, umnikelo wesikhumbuzo okhumbuza ububi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 5:15
9 Iomraidhean Croise  

Wayesethi ku-Eliya: “Kodwa ngikone ngani wena muntu kaNkulunkulu? Uze lapha ukuba uzongikhumbuza isono sami nokuba kufe indodana yami na?”


Kubo kuyobonakala sengathi ubhula amanga; kukhona abasenza isifungo kubo, kodwa iyakubakhumbuza ngokona kwabo, ukuze babanjwe.


Alisayukuba yithemba labendlu yakwa-Israyeli, kodwa liyakuba yisikhumbuzo sokona kwabo, lapho bephendukela kulo becela usizo, bayakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.” ’ ”


Ngazithengela yena ngezinhlamvu ezili-15 zesiliva kanye nengxenye yehomere lebhali.


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.


“ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.


“ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.


“ ‘Umphristi uyakumsondeza, ammise phambi kukaSimakade.


Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan