Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 33:55 - IsiZulu 2020

55 “ ‘Kepha uma ningabaxoshi abantu balelo lizwe phambi kwenu, eniyobashiya bayoba ngameva emehlweni enu nanjengezincijo ezinhlangothini zenu, bayonihlupha ezweni enihlala kulo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 33:55
11 Iomraidhean Croise  

Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


“ ‘ “Akusayukuba bikho makhakhasi nameva okuhlabayo nokulimazayo endlini yakwa-Israyeli, kusukela kulabo abazungeze nxazonke nalabo ababadelelayo; bayakukwazi ukuthi ngiyiNkosi uSimakade.


Ngiyokwenza kini lokho engangihlose ukukwenza kubo.’ ”


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni bese ikhonza abanye onkulunkulu; intukuthelo kaSimakade ikuvuthele, akubhubhise masinyane.


ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,


Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan