Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 31:10 - IsiZulu 2020

10 Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bayishisa yonke imizi yabo ababehlala kuyo, nezinqaba zabo zonke ezinhle ngomlilo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 31:10
8 Iomraidhean Croise  

Yilawo-ke amagama amadodana ka-Ishmayeli ngokwakha kwawo emizaneni yawo, nangokuma kwawo enkanjini, ayizinhloko zezizwana ezilishumi nambili.


UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Baphanga yonke impahla yabo, bathumba abantu nezilwane.


Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.


Bawushisa ngomlilo wonke umuzi, nakho konke okwakukuwo, ngaphandle kwesiliva negolide nezimpahla zethusi nezensimbi okwafakwa endlini yengcebo kaSimakade.


“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan