Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 3:6 - IsiZulu 2020

6 “Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umpristi, ukuba simkhonze.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Sondeza isizwe sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni umpristi ukuba simkhonze.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 3:6
18 Iomraidhean Croise  

UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”


Umsebenzi wabo kwakungukusiza abozalo luka-Aroni emsebenzini wendlu kaSimakade, emagcekeni, emakamelweni, ukuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nokwenza umsebenzi wokukhonza endlini kaNkulunkulu,


Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.


Yilaba ababema namadodana abo: kumadodana amaKhohathi: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli, kaSamuweli,


Madodana ami, ningabi ngabanganaki, ngokuba nina uSimakade unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho.”


Babuye babeka abaphristi nabaLevi ngokwemikhakha yabo, ukuze baqhube inkonzo kaNkulunkulu eJerusalema, njengoba kulotshiwe encwadini kaMose.


Niyakukwazi ukuthi nginithumelele lo myalo ukuze kuqhubeke isivumelwano sami noLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Abozalo lukaLevi ngibanike okweshumi kwa-Israyeli ukuba kube yifa labo; ngomsebenzi abawenzayo ethendeni lokuhlangana.


Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.


AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan