Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 23:27 - IsiZulu 2020

27 UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wathi uBalaki kuBileyamu: “Ake uze, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Woza, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle kuNkulunkulu ukuthi ungiqalekisele bona ulapho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 23:27
12 Iomraidhean Croise  

“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Ngokuba uSimakade Wamabandla unqumile; ngubani oyakuguqula lokho na? Isandla sakhe sizogadla; ngubani oyakusinqanda na?


“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


UBhalaki wathi kuye: “Woza sihambe, siye kwenye indawo lapho uzobabona khona; uzobona ingxenye yabo kuphela, hhayi bonke. Uma usulapho ungiqalekisele bona.”


UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”


UBhalaki wamthatha uBhileyamu wamyisa esiqongweni iPheyori elibheke ngezansi ngasehlane.


Ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan