Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 22:32 - IsiZulu 2020

32 Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kuze kube ngamahlandla amathathu na? Ngize ukuzomelana nawe ngoba le ndlela yakho oyithathile imbi, iyingozi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? bheka, ngiphumile ukulwa nawe, ngokuba indlela yakho imbi phambi kwami.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 22:32
19 Iomraidhean Croise  

USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uSimakade, kodwa ozindlela zakhe zigwegile uyamedelela.


Zonke izindlela zomuntu zimsulwa emehlweni akhe, kodwa nguSimakade ohlolisisa izinhloso.


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho, kunocebileyo ohamba ngezindlela ezigwegwile.


Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Ngalobo busuku uNkulunkulu wafika kuBhileyamu, wathi: “Uma lawa madoda efikele ukuzokubiza, vuka uhambe nawo, kodwa uyokwenza kuphela lokho engizokutshela khona.”


Kodwa intukuthelo kaNkulunkulu yamvuthela ngokuba wahamba nabo, ingelosi kaSimakade yema endleleni yamelana naye. UBhileyamu wayegibele embongolweni yakhe, ekhashwa yizinceku zakhe ezimbili.


USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?”


Imbongolo ingibonile yachezuka phambi kwami kwaze kwaba kathathu. Ukuba ayizange ichezuke, ngabe sengikubulele, ngayisindisa yona.”


Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki.


wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


“Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan