Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 21:24 - IsiZulu 2020

24 Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 U-Israyeli wamnqoba ngosiko lwenkemba, wadla izwe lakhe, kusukela e-Arinoni kuze kufike eJaboki nakubo abantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

24 U-Israyeli wamshaya ngosiko lwenkemba, walidla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kube seJabhoki kubantwana bakwa-Amoni, ngokuba umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni wawunamandla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 21:24
24 Iomraidhean Croise  

Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.


“Wanikela kubo imibuso nezizwe, wandisa imingcele yabo. Badla izwe likaSihoni, inkosi yaseHeshibhoni nelika-Ogi, inkosi yaseBhashani.


uSihoni, inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade,


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


Basuka nalapho baze bayokanisa maqondana ne-Arinoni, ehlane elize liyofika endaweni yama-Amori. I-Arinoni lalingumngcele owehlukanisa elakwaMowabi nelama-Amori.


Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.


“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba.


AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika kusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini i-Arinoni, phakathi nesigodi kwaba ngumngcele wabo. Umfula iJakobi ingumngcele wabantu bakwa-Amoni,


USimakade uyokwenza kuzo njengalokhu enza kuSihoni no-Ogi, amakhosi ama-Amori awabhubhisayo, kanjalo nasezweni lawo.


phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.


wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala phesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nalidla izwe lawo; ngawabhubhisa phambi kwenu.


nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.


USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na?


Inkosi yabakwa-Amoni yaphendula izithunywa zikaJeftha, yathi: “Kungenxa yokuba ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe wathatha izwe lami, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki kuze kube seJordani; ngakho-ke manje libuyise ngokuthula.”


Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan