Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 20:2 - IsiZulu 2020

2 Kwakungekho manzi okuba inhlangano iphuze; ngakho-ke bahlangana ndawonye bamelana noMose no-Aroni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwakungekho manzi lapho kuyo inhlangano; babahlanganyela oMose no-Aroni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwakungekho manzi enhlangano, yabuthana ngokumelene noMose no-Aroni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 20:2
14 Iomraidhean Croise  

Bamthukuthelisa uSimakade bengasemanzini eMeribha, lokho kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.


“Ngikuzwile ukukhononda kwabantu bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nizitike ngesinkwa; niyokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane.


Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?”


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


Kwathi inhlangano isibavukela oMose no-Aroni, babheka ngasethendeni lokuhlangana. Bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaSimakade yabonakala kulo.


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan