Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 20:10 - IsiZulu 2020

10 UMose no-Aroni baliqoqa ibandla phambi kwedwala; wathi kubo: “Yizwani bahlubuki ndini; sizakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

10 OMose no-Aroni babutha inhlangano phambi kwedwala, bathi kuyo: “Lalelani nina bahlubuki! siyakunikhiphela amanzi kuleli dwala na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 20:10
18 Iomraidhean Croise  

Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”


Wenza kwagobhoza imithombo edwaleni, amanzi wawenza ageleza njengemifula.


Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.


“U-Aroni uzokufa, akayukungena ezweni engibanike lona abantu bakwa-Israyeli, ngokuba naphambuka ezwini lami emanzini eMeribha.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Noma kunjalo otshalayo noniselayo kabalutho, kodwa okunguYena kuphela uNkulunkulu okhulisayo.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan