Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 14:23 - IsiZulu 2020

23 akukho namunye kubo oyakulibona izwe engafunga kokhokho babo ngalo. Bonke labo abangedelela ehlane abayukulibona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa muntu walabo abangidelela;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 14:23
12 Iomraidhean Croise  

Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.


Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane,


Ngafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


nokho uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakuyeka ukusenzela okuhle ebengithe ngiyakusenzela khona.


Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe,


Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi,


ngoba uSimakade wayekhulumile ngabo, wathi: “Impela bayofela ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune, noJoshuwa, indodana kaNuni.


‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo.


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi: “Kanjalo ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan