Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 14:22 - IsiZulu 2020

22 bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 14:22
31 Iomraidhean Croise  

ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami.


kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.


Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.


Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.


Ngakho-ke waphakamisa isandla sakhe, wafunga kubo ukuthi uzobabhubhisa ehlane,


Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na?


Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”


Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane.


Abantu baxabana noMose, bathi: “Sinike amanzi ukuze siphuze.” UMose wathi kubo: “Nilwelani nami na? Nimvivinyelani uSimakade na?”


Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”


Leyo ndawo wayibiza ngokuthi kuseMasa neMeribha, ngenxa yokuphikisana kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yokuba bamvivinya uSimakade lapho, bethi: “Ngabe uSimakade ukhona yini phakathi kwethu noma qha?”


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


Ubonile izinto eziningi, kodwa awuqaphelanga; nezindlebe zakho zivulekile, kodwa awuzwanga.”


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


UMiriyamu no-Aroni bamelena noMose ngenxa yowesifazane waseKhushe ayemthathile. Nembala wayeganwe ngowesifazane waseKhushe.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


NguKhalebhu, indodana kaJefune, umKhenizi noJoshuwa, indodana kaNuni, kuphela abamlandela ngokupheleleyo uSimakade.’


UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”


Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane.


Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka.


“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.


lapho okhokho benu bangilinga bengihlola, nakuba babeyibonile imisebenzi yami.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan