UNumeri 14:18 - IsiZulu 202018 ‘USimakade uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, nokho akayeki angamjezisi onecala, uhambela ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sesizukulwaneni sesithathu nesesine.’ Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE18 ‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’ Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 202418 UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine. Faic an caibideil |
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.