Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNumeri 11:15 - IsiZulu 2020

15 Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uma ningenza kanjalo, ngibulaleni, uma ngifumene umusa emehlweni enu; futhi mangingaluboni usizi lwami.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNumeri 11:15
12 Iomraidhean Croise  

Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba.


Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Ngaphumelani esibelethweni ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi, nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.


Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan