Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UNehemiya 13:5 - IsiZulu 2020

5 walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wamlungisela ikamelo elikhulu, lapho ababebeke khona iminikelo yomlilo ngaphambili, impepho, nezitsha, nokweshumi kukakolweni, newayini, namafutha, okwakumelwe kunikwe amaLevi, nabahlabeleli. Nabalindisango; neminikelo yabapristi.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UNehemiya 13:5
9 Iomraidhean Croise  

UHezekiya wayaleza ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaSimakade, base beyawalungisa.


Banika ababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nezingodo zokuhlanganisa benze imishayo yezindlu ezazibhujiswe ngamakhosi akwaJuda.


Siyoletha kubaphristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu, amazibulo amadodana ethu, awemfuyo yethu, njengoba kulotshiwe emthethweni, amazibulo emihlambi yethu, nawezimvu zethu.


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


ngase ngiphindela eJerusalema. Ngafika ngabona into embi eyenziwa ngu-Eliyashibhi, elungisela uThobiya igumbi emagcekeni endlu kaNkulunkulu.


Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; babewugezela lapho umnikelo wokushiswa.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan