UNahume 1:3 - IsiZulu 20203 USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE3 UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe. Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 20243 UJehova uyabekezela, unamandla amakhulu; akayikumyeka ababi abe msulwa; UJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu awuthuli lwezinyawo zakhe. Faic an caibideil |
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.