Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UmShumayeli 6:3 - IsiZulu 2020

3 Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UmShumayeli 6:3
23 Iomraidhean Croise  

noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga?


Uyakungcwatshiswa okwembongolo, ahudulwe, alahlwe ngale kwamasango eJerusalema.”


kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.


Bahamba bayombheka ukuze bammbele, nokho abatholanga lutho ngaphandle kwekhanda, izinyawo, nezintende zezandla.


UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


Impela iNdodana yomuntu izakuhamba njengokulotshiwe ngayo, kodwa maye, kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Bekuyakuba ngcono kulowo muntu ukuba akazalwanga.”


“ ‘Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, uthi: akuyukuba namuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakutshingwa ngaphandle ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.


Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


URehobhowamu wamthanda uMahakha, indodakazi ka-Absalomu, ukwedlula bonke abafazi bakhe nezanciza zakhe; wayeganwe ngabafazi abali-18 nezancinza ezingama-60. Wazala amadodana angama-28, namadodakazi angama-60.


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


U-Ahabi wayenamadodana angama-70 eSamariya. UJehu wabhala izincwadi, wazithumela eSamariya ezikhulwini zaseJizreyeli, kumalunga, nakubaqaphi bakwa-Ahabi, wathi:


Lapho u-Esawu ephakamisa amehlo ebona abesifazane nabantwana, wathi: “Ngobani laba ohamba nabo na?” UJakobe wamphendula wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ngomusa wakhe abaphe inceku yakho.”


ngokuba kufikela ezeni, kuye ebumnyameni, ubumnyama buyaligqiba igama lakho.


“Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan