Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UMikha 6:1 - IsiZulu 2020

1 Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi: “Sukuma umangalele izintaba, amagquma mawalizwe iphimbo lakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi: “Suka ulwe phambi kwezintaba, uzwise amagquma izwi lakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini akushoyo uJehova; Vuka, ulwe phambi kwezintaba, amagquma ezwe izwi lakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UMikha 6:1
22 Iomraidhean Croise  

UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Ubiza izulu ngaphezulu nomhlaba, ukuba ahlulele isizwe sakhe:


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.


Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.


Wena lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaSimakade!


“Wena ndodana yomuntu, phrofetha kuzo izintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaSimakade.


“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye.


Wayesethi kimi: “Phrofetha phezu kwalawa mathambo, uthi kuwo: ‘Nina mathambo omileyo, yizwani izwi likaSimakade.


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade ezintabeni nasemagqumeni, emfudlaneni nasezigodini, ithi: bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngibhubhise izindawo zenu eziphakemeyo.


Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi:


Yizwani nonke bantu, ulalele mhlaba nakho konke okukuwe, iNkosi uSimakade izofakaza imelene nani, iNkosi ivela ethempelini layo elingcwele.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.


Ngiyakuphindisela ngentukuthelo nangolaka ezizweni ezingalalelanga.”


Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.


Waphendula wathi: “Ngithi kini: uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”


“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Manje-ke yimani ukuze siphendulane phambi kukaSimakade ngezenzo zonke ezilungileyo uSimakade azenza kini nakokhokho benu.


USamuweli wayesethi kuSawule: “Lalela ngikutshele lokhu uSimakade angitshele khona kulobu busuku.” Wathi kuye: “Khuluma.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan