Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UMikha 1:12 - IsiZulu 2020

12 Ngokuba abakhe eMarothi basezinhlungwini ezinzima, balindele okuhle, phela inhlekelele yehlile ivela kuSimakade, ifike esangweni eJerusalema.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba abakhileyo eMaroti babelindele okuhle, kepha okubi behla bevela kuJehova beza esangweni laseJerusalema.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UMikha 1:12
9 Iomraidhean Croise  

Lapho ngilindele okuhle, kwafika okubi, ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


Besilindele ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokuphiliswa, kepha bheka, luvalo lodwa.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.


Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan