UMalaki 4:2 - IsiZulu 20202 “Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya. Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 20242 Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni. Faic an caibideil |
Ngasosebeni lomfula ngapha nangapha, kuyakumila zonke izinhlobo zemithi ethela izithelo, amaqabunga ayo awayukubuna, nezithelo zayo aziyukuphela; iyakuthela zinyanga zonke, ngokuba amanzi asuka endlini engcwele agelezela kuzo; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, kuthi amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”