Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UJoweli 2:18 - IsiZulu 2020

18 USimakade walihawukela izwe lakhe, waba nesihe kubantu bakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke uJehova uyakuba nomhawu ngezwe lakhe, abe nesihe kubantu bakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UJoweli 2:18
19 Iomraidhean Croise  

Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Impela nginesikhwele esikhulu ngeZiyoni, Nginesikhwele esivutha bhe ngalo.”


Ingelosi eyayikhuluma nami yayisithi kimi: “Memezezela lokhu uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Nginesikhwele ngokwedlulele ngeJerusalema neZiyoni.


Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


“Abezizwe bayakwakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, manje sengiyakuhawukela ngomusa wami.


USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Base besusa onkulunkulu babezizwe ababephakathi kwabo, bakhonza uSimakade; akakwazanga ukukubekezelela ukubona u-Israyeli ehlupheka.


Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Ngokuba eJerusalema kuyophuma insali, nabasindileyo entabeni iZiyoni; ukushisekela kukaSimakade Wamabandla kuyokufeza lokho.


Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali, nasentabeni iZiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaSimakade kuyakufeza lokho.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan