Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UJoshuwa 4:9 - IsiZulu 2020

9 UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi ababethwele umphongolo zazimi khona, asekhona kuze kube namuhla.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UJoshuwa 4:9
16 Iomraidhean Croise  

USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”


Izingongolo zazizinde kangangokuba izihloko zazo zazibonakala endaweni engcwele, phambi kwegumbi elingcwele elingaphakathi, nokho zazingaveli ngaphandle kwalo. Umphongolo uselapho kuze kube namuhla.


Abantu baseBherothi babalekela eGithayimi, bagogobala khona kuze kube namuhla.


Kwenzeka kanjalo kusukela ngalolo lusuku kuqhubeka, wakwenza lokho kwaba yisimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Indoda yahamba yaya ezweni lamaHithi, yakha umuzi yawuqamba ngokuthi yiLuzi, usabizwa ngalelo gama kuze kube namuhla.


UJoshuwa wawaloba lawa mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi komu-okhi, endaweni engcwele kaSimakade.


Wamngcwaba esigodini kwaMowabi, maqondena neBhethi Pheyori kodwa akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namhlanje.


Kuyakuba ngamatshe ali-12 ngangesibalo samagama amadodana ka-Israyeli. Ayofana nezisicilelo, yilelo nalelo liqoshwe igama lesizwe ngasinye kwezili-12.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


UJakobe wavuka ekuseni, wathatha lelo litshe abeqamele kulo, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.


Kusukela lapho lowo mthombo wabizwa ngokuthi iShiba. Yikho nje igama lomuzi oseduze nawo ubizwa ngokuthi yiBheri Sheba kuze kube namuhla.


Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.


Yingakho-ke leyo nsimu kuthiwa yinsimu yegazi kuze kube namuhla.


U-Eliya wathatha amatshe ali-12 njengomumo wezizwana zamadodana kaJakobe, okwakufike kuye izwi likaSimakade, lathi: “Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.”


Abaphristi ababethwele umphongolo bama phakathi eJordani, kwaze kwaphela konke lokho uSimakade ayeyale uJoshuwa ukuba akusho kubantu, njengakho konke uMose ayemyale ngakho uJoshuwa. Abantu bawela ngokushesha.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan