Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UJobe 4:6 - IsiZulu 2020

6 Ukwesaba kwakho uNkulunkulu akusilo yini ithemba lakho, nokwethembeka kwezindlela zakho, akusiso yini isisekelo sakho na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lokhu akusikho yini ukwesatshwa kwakho, ithemba lakho, ithemba lakho, nobuqotho bezindlela zakho?

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UJobe 4:6
17 Iomraidhean Croise  

“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.


Liphi pho ithemba lami na? Yebo, ithemba lami, ngubani oyakulibona na?


Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.


Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo.


Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.


ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.


Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan