Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UJobe 1:19 - IsiZulu 2020

19 kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bheka, kwafika umoya omkhulu ovela ehlane, washaya amagumbi omane endlu, yawela phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UJobe 1:19
12 Iomraidhean Croise  

Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hawu ngendodana yami, u-Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! Sengathi ngabe kufe mina esikhundleni sakho, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.


Sisakhuluma naleso kwafika esinye, sathi: “Amadodana namadodakazi akho abedla, ephuza iwayini endlini yendodana yakho endala,


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,


USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wazidudula ngamandla akhe wonke; indlu yawela phezu kwamakhosi, nabo bonke abantu ababekuyo. Ngakho-ke labo ababulala ngesikhathi sokufa kwakhe babebaningi kunalabo ababulala esaphila.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan