Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UJobe 1:16 - IsiZulu 2020

16 Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UJobe 1:16
13 Iomraidhean Croise  

USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.


Kepha u-Eliya wayiphendula induna yabangama-50, wathi: “Uma ngiyindoda kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini uniqothule, wena nalaba abangama-50.” Umlilo wehla uvela ezulwini wayiqothula nabangama-50 eyayinabo.


Kepha wabaphendula wathi: “Uma ngiyindoda kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini uniqothule, wena nalaba abangama-50.” Umlilo kaNkulunkulu wehla ezulwini wayiqothula nabangama-50 eyayinabo.


Bheka, kwehle umlilo uvela ezulwini, waqothula izinduna ezimbili zokuqala zabangama-50, kodwa manje ngiyakunxusa, impilo yami mayibe yigugu emehlweni akho.”


Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.


Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


Senza izibonakaliso ezinkulu, ngisho nokwehlisa umlilo ezulwini wehlele emhlabeni phambi kwabantu.


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan