Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UGenesise 11:5 - IsiZulu 2020

5 USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UGenesise 11:5
10 Iomraidhean Croise  

Ngakho-ke ngizokwehlela khona ukuba ngibone ukuthi ngempela benze njengokwesikhalo esesifike kimi yini, uma kungenjalo, ngiyokwazi.”


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka.


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan