Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UEksodusi 16:3 - IsiZulu 2020

3 Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UEksodusi 16:3
32 Iomraidhean Croise  

Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”


Bangcono abafe ngenkemba kunalabo ababulewe yindlala, babhuqwabhuqwa yinkemane, ngenxa yokweswela ukudla okuvela emasimini.


Ekuseni uyothi: ‘Sengathi ngabe sekukusihlwa,’ nakusihlwa uthi: ‘Sengathi ngabe sekusile,’ ngenxa yengebhe eyakuba senhliziyweni yakho, nangenxa yalokho okubonwa ngamehlo akho.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Bonke abantu bakwa-Israyeli bakhononda ngoMose no-Aroni, bathi kubo: “Sengathi ngabe safela eGibhithe, kunokuba sizofela kuleli hlane.


Senize nasutha, naceba, nibusa ngaphandle kwethu. Yebo-ke, sengathi ningabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.


UJoshuwa wathi: “Maye, Simakade Nkulunkulu! Ubawezeleni laba bantu iJordani, ukuzosinikela esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise, na? Bekungcono ukuba sivele sahlala khona phesheya kweJordani!


Sengathi ningangibekezelela kulobu buwulana bami, yebo, ngibekezeleleni.


UPawula wayesethi: “Bengingafisa ukuba uNkulunkulu noma kukancane noma kukakhulu, kungabi nguwe wedwa, kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


“Kungani ukukhanya kunikwa ososizini, nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni,


ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.


Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe.


Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hawu ngendodana yami, u-Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! Sengathi ngabe kufe mina esikhundleni sakho, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


Kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elichichima ubisi noju ukuba sizofela lapha ehlane; usuzozenza umbusi phezu kwethu na?


Vele wenza lokhu kimi ukuba ungibulale; ngiyakuncenga, ngibulale ngokushesha ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ungangivumeli ngibone usizi lwami.”


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”


Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na?


Abantu badla isinkwa sezingelosi, wabathumelela insada yokudla.


nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’


Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na?


kodwa inyanga yonke, ize iphume ngamakhala, niyitshokoze, niyenyanye, ngokuba nimlahlile uSimakade ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe, nathi: “Kungani kube nje, saphumelani eGibhithe na?” ’ ”


Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”


Belambile futhi bomile, imiphefumulo yabo yaphelelwa ngamandla.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan