Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDuteronomi 7:3 - IsiZulu 2020

3 Ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Aniyikugana nabo; awuyikunika indodana yakhe indodakazi yakho, nendodakazi yakhe awuyikuthathela indodana yakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDuteronomi 7:3
14 Iomraidhean Croise  

Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.


Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda.


Kwathi uma ebona kulula kuye ukulandela izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, wathatha uJezebheli, indodakazi ka-Ethibhali, inkosi yaseSidoni, waba ngumkakhe. Wahamba wayokhonza uBhali, wakhuleka kuye.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Ngakho-ke amadodakazi enu ningawaganiseli amadodana azo, namadodana enu ningawathatheli abafazi kumadodakazi azo, ningalokothi nifune ukuthula kwazo nempumelelo yazo, ukuze nibe namandla, futhi nidle okuhle kwezwe, nilishiyele abantwana benu libe yifa labo laphakade.’


“Asiyukubaganisela abezizwe amadodakazi ethu, futhi ngeke siwathathele amadodana ethu abafazi kubo.


Abazali bakhe bathi kuye: “Akukho ntombi yini phakathi kwezihlobo zakho noma phakathi kwabantu bakithi bonke, ukuba usungahamba uyothatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” Kodwa uSamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngoba ngiyamthanda.”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan