Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDuteronomi 4:3 - IsiZulu 2020

3 “Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali Peyori.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Amehlo enu abonile lokho uJehova akwenzele uBali Peyori; ngoba bonke abantu ababemlandela uBhali Peyori, uJehova uNkulunkulu wakho ubabhubhisile phakathi kwakho.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDuteronomi 4:3
9 Iomraidhean Croise  

Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi,


Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.


Asonanga yini ngokwanele ePheyori, okuze kube manje asikazihlambululi kubo, okwathi ngenxa yabo, yonke inhlangano kaSimakade yehlelwa wubhubhane,


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan