Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDuteronomi 21:22 - IsiZulu 2020

22 “Uma umuntu onile efanelwe wukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Uma umuntu enze isono esifanele ukufa, makabulawe, nimlengise esihlahleni;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDuteronomi 21:22
20 Iomraidhean Croise  

kwathi sebegudlukile, bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu akenzanga lutho olufanele ukuba afe noma ukuboshwa.”


Ngafumana ukuthi imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kodwa kungekho lutho olufanele ukubulawa noma ukuboshwa.


Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo.


Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.”


Ungayenzi lutho intombi, ngokuba ayinasono esifanele ukuba ife, lokhu leyo ndaba ifana nokuthi umuntu avukele umakhelwane wakhe, ambulale,


Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.”


Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa.


Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.


Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


UDavide wayeseyala izinsizwa zakhe, zababulala, zabanquma izandla nezinyawo, zabaphanyeka eceleni kwechibi eHebhroni. Kepha balithatha ikhanda lika-Ishi Bhoshethi, balimbela ethuneni lika-Abhineri eHebhroni.


Lokhu okwenzileyo akukuhle. Ngifunga ngiyagomela, nimelwe wukufa, ngokuba anizange niyiqaphe inkosi yenu, ogcotshiweyo kaSimakade. Manje bhekani-ke ukuthi uphi umkhonto wenkosi nesigubhu samanzi esasingasekhanda layo.”


Emveni kwalokho uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka ezihlahleni eziyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini.


mina angifumananga lutho olufanele ukufa kwakwenzileyo, kodwa ngenxa yokuthi ulwedlulisele kuKhesari udaba lwakhe, nginqume ukumthumela lapho.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala, base beyawehlisa emithini, bawaphonsa emgedeni lapho ayekade ecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womgede; asekhona nanamuhla.


ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”


URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan