Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDaniyeli 7:8 - IsiZulu 2020

8 “Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngase ngibheka izimpondo, bheka, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, okwakukhona phambi kwezimpondo ezintathu kwezokuqala ezazisishuliwe izimpande zazo; bheka, kulolu phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDaniyeli 7:8
15 Iomraidhean Croise  

Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


“Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esehlukileyo kuzo zonke ezinye, esesabeka kakhulu, esimazinyo aso ayinsimbi, nezinzipho zaso zilithusi, esasidla, siphoqoze, sigxobe okuseleyo ngezinyawo.


omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.


Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.


Ngase ngibona kukhuphuka isilo olwandle, sinezimpondo ezilishumi namakhanda ayisikhombisa, ezimpondweni zaso kukhona imiqhele elishumi, emakhanda aso kunamagama ahlambalazayo.


Isikhonyane sasifana namahhashi aboshelelwe ukuya empini, emakhanda aso kukhona okufana nemiqhele enjengegolide, ubuso baso bufana nobuso babantu.


Ningabe nisakhuluma ngokuziqhenya, futhi makungaphumi kuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu owazi konke; izenzo zilinganiswa nguye.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan