Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDaniyeli 5:1 - IsiZulu 2020

1 UBhelishazari, inkosi, wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UBelishasari inkosi wenzela izinduna zakhe eziyinkulungwane idili, waphuza iwayini ngaphambi kwaleyo nkulungwane.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Inkosi uBelishasari wenzela izikhulu zayo eziyinkulungwane idili elikhulu, waphuza iwayini phambi kwaleyo nkulungwane.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDaniyeli 5:1
11 Iomraidhean Croise  

Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Mawadliwe yinkemba amaKhaledi, abakhileyo eBhabhele, izikhulu zalo, nezihlakaniphi zalo.


Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan