Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




UDaniyeli 12:2 - IsiZulu 2020

2 Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




UDaniyeli 12:2
19 Iomraidhean Croise  

Umuntu utuswa ngokuhlakanipha kwakhe, kepha onhliziyo iphambene uyadelelwa.


Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.


“Bayophuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi, ngokuba impethu yabo ayiyukufa, nomlilo wabo awuyukucima, bayoba yisinengiso kubo bonke abantu.”


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


“Ngakho-ke phrofetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu, nina bantu bami, nginiyise kwa-Israyeli.


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


nginethemba kuNkulunkulu abalibhekile nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Esekushilo lokho walala ubuthongo.


Kambe umbumbi akanamandla yini ukuba esigaxeni esisodwa sebumba enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?


Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.


Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan