Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8 - IsiZulu 2020

8 Yizwi lothandiweyo wami lelo! Bheka, weqa izintaba, ugxuma phezu kwamagquma.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:8
19 Iomraidhean Croise  

Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.


Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, phenduka wena othandiweyo wami, ufane nensephe noma nesixhumo sendluzele ezintabeni ezimakhelekehle.


Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.


Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”


izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.


Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


U-Israyeli wayengesiyo yini inhlekisa kuwe na? Watholakala enamasela yini, njengoba uma ukhuluma ngaye unikina ikhanda.


“Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi.


Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.” Yagxuma, yahamba.


yagxuma, yema, yahamba, yangena nabo ethempelini, ihamba igxumagxuma, imdumisa uNkulunkulu.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha, uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan