Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Mathewu 2:8 - IsiZulu 2020

8 wazithuma eBhethlehema, wathi: “Hambani nifike nibuzisise ngomntwana, kuyothi nxa nimtholile ningibikele ukuze nami ngiye ngiyokhuleka kuye.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.”

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; nxa senimtholile, ningitshele, ukuze nami ngize ngikhuleke kuye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; nxa senimtholile, ningitshele, ukuze nami ngize ngikhuleke kuye.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Mathewu 2:8
20 Iomraidhean Croise  

U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.


UJezebheli wayesethumela isithunywa ku-Eliya, ethi: “Sengathi onkulunkulu bami bangenza kanjalo kimi, futhi benezele, uma nje ngalesi sikhathi kusasa ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo.”


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?


UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:


UHerode wayesezibiza ngasese izazi, wazibuzisisa ngesikhathi inkanyezi ebonakale ngaso,


Seziyizwile inkosi, zaqhubeka nohambo. Inkanyezi ezayibona empumalanga yahamba phambi kwazo, yaze yafika yema phezu kwalapho ekhona umntwana.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan