Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




KwabaseFilipi 2:21 - IsiZulu 2020

21 Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




KwabaseFilipi 2:21
19 Iomraidhean Croise  

Kodwa nangonyaka wama-23 wokubusa kwenkosi uJehowashi, abaphristi babengakazilungisi izimfa zendlu.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


UPawula nababehambisana naye basuka ePhafu ngomkhumbi baze bayofika ePherge ePhamfiliya, kepha uJohane wehlukana nabo, wabuyela eJerusalema.


Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza.


Makungabi bikho ozifunela okwakhe, kepha akube yilowo nalowo afunele omunye.


njengalokhu nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okuzosiza mina kuphela, kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


Njengokuba izinhlupheko zikaKhristu ziziningi kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuyaphuphuma ngoKhristu.


Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye.


Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene.


Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,


Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan