Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




Johane 8:6 - IsiZulu 2020

6 Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




Johane 8:6
27 Iomraidhean Croise  

Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.


Kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


Bayamzonda okhuzayo esangweni; bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa.


isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;


Masingamlingi uKhristu njengokuba abanye babo bamlinga, babhujiswa yizinyoka.


Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga.


Kwafika kuye abaFarisi, baqala ukuqophisana naye, befuna isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.


Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:


UJesu, ebazi ububi babo, wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?


AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.


Kepha akamphendulanga ngazwi. Kwase kusondela kuye abafundi bakhe, bamncenga bathi: “Mmukise, ngokuba uyakhala emva kwethu.”


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.


Ngaso leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani, emgudulweni wodonga lwesigodlo senkosi; inkosi yabona ingxenye yesandla esasiloba.


Njengomuntu obamba inja eyedlulayo ngamadlebe, unjalo ozigaxa engxabanweni yabanye abantu.


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?


Entathakusa wabuyela ethempelini, bonke abantu beza kuye, wayesehlala phansi wabafundisa.


Abanye bamlinga, bafuna ukuba enze isibonakaliso esivela ezulwini.


Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.”


Ngithe: “Ngizoqaphela izindlela zami, ukuze ngingoni ngolimi lwami; umlomo wami ngizowufaka isimfonyo, inkani nje uma kunababi phambi kwami.”


Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan