Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IzEnzo 2:2 - IsiZulu 2020

2 Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IzEnzo 2:2
14 Iomraidhean Croise  

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba.


Uza endiza, egibele ikherubhi, eshweza ngamaphiko omoya.


Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.


Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”


Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo.


Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Bambulelwa ukuthi lokho ababekwenza babengazenzeli nje bona, kodwa kwakuqondene nani, njengokuba bakhuluma ngalezo zinto, nani esenizizwa ngabashumayela ivangeli kini ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, lezo zinto izingelosi ezilangazelela ukuzibona.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan