Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IzEnzo 18:9 - IsiZulu 2020

9 INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli,

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IzEnzo 18:9
17 Iomraidhean Croise  

“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


Lapho ngikubiza, ngicela usizo, weza kimi, wathi: “Ungesabi.”


“Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.”


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”


ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”


ngambona; wathi kimi: ‘Shesha uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukubamukela ubufakazi bakho ngami.’


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengokuba ufakaze ngami eJerusalema, kanjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe kungu-Ananiya. INkosi yakhuluma kuye ngombono, yathi: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngilapha, Nkosi.”


Angikhululekile yini na? Angisiye yini umphostoli na? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu na? Anisiwo yini nina umsebenzi wami eNkosini na?


Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan