IsiLilo 2:20 - IsiZulu 202020 “Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na? Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE20 “Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na? Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 202420 Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na? Faic an caibideil |
Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’