IsiLilo 2:2 - IsiZulu 20202 INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo. Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE2 INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo. Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 20242 UJehova wagwinya zonke izindlu zikaJakobe, akaba namusa kuye; ngentukuthelo yakhe yadiliza izinqaba zendodakazi yakwaJuda; Wabayisa emhlabathini; Wangcolisa umbuso nezikhulu zawo. Faic an caibideil |
Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’