Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsiLilo 2:17 - IsiZulu 2020

17 USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJehova wenza njengokucabanga kwakhe; Wafeza izwi lakhe ayala ngalo ezinsukwini zasendulo: Wawisa, akabanga namusa; futhi Wenza isitha senu sajabula ngani, waphakamisa uphondo lwezitha zenu.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsiLilo 2:17
28 Iomraidhean Croise  

ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


Simakade Nkulunkulu wami ngahlulele ngokulunga kwakho, mabangathabi ngami.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”


Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe.


Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe, awumsekelanga empini.


Ungathokozi wena Filistiya namaphethelo, ngokuthi intonga ekushayileyo yephukile, ngokuba esiqwini senyoka kuyophuma ibululu, nenzalo yalo ibe yinkanyamba endizayo.


“Ngakho-ke yisho manje kubo bonke abakwaJuda nakuzo izakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bhekani, nginibumbela inhlekelele, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ ”


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”


uSimakade usekulethile, wakwenza njengokusho kwakhe, ngokuba nonile kuSimakade, kanililalelanga izwi lakhe, yingakho nehlelwe yilokhu.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


USimakade wayekuhlosile ukubhubhisa udonga lwendodakazi iZiyoni; welula intambo yokulinganisa, akasibambanga isandla sakhe ekubhubhiseni; washiya imigoqo nezindonga kukhala; kuyincithakalo.


“Uzembese ngolaka, wasixosha, wabulala, awaze waba naluzwelo.


USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.


“Ngiyakubhubhisa kuphele nya konke okusebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan