IsiLilo 2:15 - IsiZulu 202015 Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?” Faic an caibideilIBHAYIBHELI ELINGCWELE15 Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?” Faic an caibideilContemporary Zulu Bible 202415 Bonke abadlulayo bashaya ihlombe; bashaya ikhwelo, benqekuzisa amakhanda endodakazini yaseJerusalema, bathi: “Yiwo lo muzi abantu abawubiza ngokuthi ngobuhle obuphelele, intokozo yomhlaba wonke na? Faic an caibideil |
bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.