Biblia Todo Logo
Bìoball air-loidhne

- Sanasan -




IsAmbulo 19:19 - IsiZulu 2020

19 Ngase ngibona isilo, amakhosi omhlaba kanye nempi yawo kubuthene ukuze balwe nalowo ohleli ehhashini nempi yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ngase ngibona isilo, namakhosi omhlaba, namabutho awo, ebuthene ukuba alwe nohlezi ehhashini, nebutho lakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngase ngibona isilo, namakhosi omhlaba, namabutho awo, ebuthene ukuba alwe nohlezi ehhashini, nebutho lakhe.

Faic an caibideil Dèan lethbhreac




IsAmbulo 19:19
14 Iomraidhean Croise  

Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


Kuyakuthi lapho sebeqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha silwe nabo, sibanqobe, sibabulale.


Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,


babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.


Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni.


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


Kwathi ababesele babulawa ngenkemba eyayiphuma emlonyeni wakhe lowo owayehleli ehhashini, izinyoni zonke zasutha yinyama yabo.


Lean sinn:

Sanasan


Sanasan